Kushone abazali bezama ukuhlenga owele emfuleni ethatha iSelfie

2016-08-16 14:30

Islamabad – Intombazane eneminyaka engu-11 ubudala iminze emfuleni enyakatho nePakistan kulandela ukuwa izama ukuthatha i-selfie.

Kuthiwa abazali bayo babe sebejombela emanzini bezama ukuyihlenga, kanti nabo bazogwiliza, kusho izikhulu.

"Le ntombazane, enguSafia Atif, ibizama ukushutha i-selfie osebeni lomfula kanti izoshelela iwele phakathi,” kusho okhulumela amaphoyisa u-Arshad Khan etshela i-AFP.

OLUNYE UDABA: Ligandaywe yisitimela ibhungu lithatha iSelfie

Umama ka-Atif kuthiwa naye ube esegxumela emfuleni ezama ukusindisa ingane yakhe kanti uzomuka.

“Uthe ubaba ebona ukuthi umkakhe nengane bayagwiliza, naye wangena phakathi eyozama ukubasiza kanti naye uzovelelwa umshophi,” kusho uKhan.

"Isidumbu sikamama nendodakazi zitholakele, kepha esikababa sisasithungatha,” esho.

Kuthiwa lo mndeni ubuseholidini ngesikhathi uvelelwe yileli bhadi.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...