Kushone abayisikhombisa kuhlasela idelakufa ehholo lomshado

2017-11-17 09:33

Kabul - Idelakufa liziqhumise ngebhomu ngaphandle kwehholo obekubanjelwe kulo umshado eKabul kwashona abantu ababalelwa kwabayisikhombisa, kusho izikhulu ngoLwesine.

Kuthiwa lesi sigameko bekuyimizamo yokubhubhisa amalungu ezombusazwe abebambe umhlangano ngaphakathi kuleli hholo.

Idelakufa kuthiwa lizamile ukungena ngaphakathi kulesi sakhiwo kepha lavinjwa ngonogada, lase liqhumisa ibhomu khona lapho,, kusho okhulumela amaphoyisa aseKabul u-Abdul Basir Mujahid etshela i-AFP.

"Amaphoyisa ayingxenye yalabo abalimele nabashonile kulesi sehlakalo," kunanela uMujahid.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo u-Ismail Kawoosi utshele i-AFP ukuthi kulimale okungenani abantu abane kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Kusolwa idela-kufa ngeleziqhumane eBrussels

Abalandeli baka-Atta Mohammad Noor, ongusopolitiki ongaconsi phansi kwabaningi eBalkh, ubebambe umhlangano ngaphakathi kuleli hholo ngesikhathi kwenzeka lokhu kuqhuma.

"Kuthe ngemuva kwesidlo sasemini, sesiphuma kuleli hholo sezwa ukuqhuma okukhulu okunyakazise ihholo, kwaphihlika amafastela kwaba nesiphithiphithi abantu bebaleka," kusho uHarun Mutaref, obekhona ngaphakathi.

"Ngibone izidumbu eziningi, okubalwa nezamaphoyisa, zidindilize phansi edamini legazi."


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...