Kushone abantu abangu-18 kwalimala 14 kweyebhasi

2016-03-01 10:02

Dubai – Amaphoyisa ase-Oman athi ingozi yebhasi ibulale abantu abangu-18 yalimaza abanye abangu-18.

Amaphoyisa akhiphe lesi simemezelo ku-Twitter ngoLwesibili ekuseni.

Athi ingozi yenzeke ku-Ibri-Fahud Road, kodwa angenaba ngemininingwane.

Funda nalolu daba: Ushumpule isitho seshende lakhe

IFahud ne-Ibri amadolobha asentshonalanga nenhlokodolobha yaseMuscat, kodwa akucaci kahle ukuthi amaphoyisa ngabe abeqonde ukuthi ingozi yenzeke emgwaqeni ohlanganisa lamadolobha yini.

I-Oman yizwe elise-Arabian Peninsula elisondelene ne-Saudi Arabia, i-United Arab Emirates kanye neYemen.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Passing showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...