Kushone abantu abangu-18 abebephuma eholidini kwehla ingozi yebhasi

2018-03-22 12:30

Bangkok - Kushone okungenani abantu abangu-18 kwathi abanye abaningi balimala ngesikhathi ibhasi abebehamba ngalo enyakatho-mpumalanga yeThailand liphaphalaza liphuma emgwaqeni lase lishayisa isihlahla, kusho izikhulu ngoLwesine.

Le ngozi yenzeke ngoLwesithathu ebusuku esifundazweni iNakhon Ratchasima ngesikhathi leli bhasi eliyisitezi ebelithwele abantu abalinganiselwa ku-50 abebephuma eholidini, livelelwa yingozi.

"Kushone abantu abangu-18, okungabesifazane abangu-12 nabesilisa abayisithupha," kusho uSuthep Ruenthawil, oyinhloko yethimba lezinhlekelele eNakhon Ratchasima, etshela i-AFP.

Unanele ngokuthi abanye abantu abangu-28 bathola ukwelashwa.

OLUNYE UDABA: Kushone 12 kwalimala 6 engozini yebhasi eNkandla e-KZN

Izithombe ezithathwe ngemuva kwengozi zitshengisa ibhasi lilele ngohlangothi, iziphathimandla zimi eduzane nezidumbu zezisulu.

USuthep uthe umshayeli uhlulekile wukulawula ibhasi ngesikhathi lehla emgwaqeni, lase liyaphaphalaza layoshayisa isihlahla.

"Ibhasi libe selihlukana kabili," esho.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Pornpattana Pisitkarn uthe kubukeka sengathi ibhasi livelelwe yinkinga yamabhuleki.

Imigwaqo yaseThailand ibalwa neminye eyingozi kakhulu emhlabeni njengoba izingozi zomgwaqo zibulala abantu ababalelwa ku-24 000 minyaka yonke, ngokusho kweWorld Health Organisation.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...