Kushone abantu abangu-16 isitimela sishayisa ibhasi elifele kujantshi

2017-10-06 14:02

Moscow – Kushone abantu abangu-19 ngoLwesihlanu ngesikhathi isitimela sishayisa ibhasi ebelifele lapho kuwela khona izimoto kujantshi wesitimela ngaseMoscow, kusho abaphenyi baseRussia ngesitatimende.

Leli bhasi, ebelithwele izisebenzi ezisuka e-Uzbekistan, livelelwe yilo mshophi lase lilimala kanzima, kusho isiteshi sikamabonakude sakuleliya lizwe, iRossiya 24 TV.

Izithombe ezivela kumabonakude zitshengisa izingcucu zebhasi zisakazeke kujantshi. Isitimela sona sibukeka singazange sithinteke ndawo.

OLUNYE UDABA: Kushone abangu-27 kwalimala abangu-50 engozini yesitimela

“Leli bhasi livelelwe yinkinga lase lima kujantshi wesitimela," kusho uVladimir Myagkov, okhulumela ezezitimela iRussian Railways, etshela iRossiya 24 endaweni yesigameko.

“Abanye abantu bathi abagibeli bazamile ukuphusha leli bhasi ukuze lisuke kujantshi. Kuthe kusenjalo, kwaqhamuka isitimela sashayisa leli bhasi," esho.

Yize leli bhasi belithwele abantu abavela e-Uzbekistan, beline-number plate yaseKazakhstan, kubika abezindaba baseRussia.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...