Kushone abantu abangu-15 begxobana ngezinyawo kwamukelwa amaphesela okudla

2017-11-20 09:32

Rabat – Kushone abantu abangu-15 kwathi abangaphezu kwabahlanu bashona ngesikhathi abantu begxobana ngezinyawo eningizimu-ntshonalanga yaseSidi Boulaalam, eMorocco.

Lesi siphithiphithi sisuke ngeSonto ngesikhathi kusatshalaliswa ukudla okunikelelwa abadla imbuya ngothi, emakethe, kusho uMnyango wezangaPhakathi.

INkosi uMohammed isiyalele ukuthi imindeni yezisulu inikezwe lonke usizo eludingayo kulesi sikhathi esinzima, kusho uMnyango esitatimendeni, wananela ngokuthi kunecala elivuliwe kanti kuyaphenywa.

Ayikho eminye imininingwane evelile mayelana nalesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Kushone 4 abantu begxobana eGhana

Ngenyanga eyedlule, iNkosi yakhomba indlela uNgqongqoshe wezeMfundo, owezeziNdlu kanye nowezeMpilo kulandela ukukhala ngokuthi bayehluleka ukusebenzisa imigomo eqikelela ekutheni kuliwa nobubha esifundeni esisenyakatho iRif.

Lesi sifunda sesibone imibhikisho eminingi kulandela ukuthi umuntu agaywa ngephutha yiloli ethutha udoti ngo-Okthoba wonyaka odlule kulandela ukuhilizisana namaphiyisa.

NgoJulayi, iNkosi yanikeza ushwele abantu ababoshwa kule mibhikisho yase isola izikhulu zendawo ngokuphehla udlame emphakathini ngokuhudula izinyawo ekuqaliseni imiklamo ekumele isize ifukule imiphakathi edonsa kanzima.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...