Kushone abantu abangu-10 kuqubuka umlilo ehhotela

2017-02-25 17:00

Beijing – Umlilo obusha ubuhanguhangu ehhotela eliseningizimu-mpumalanga yeChina ubulale abantu abayishumi, kusho umbiko weXinhua Nnews Agency ngoMgqibelo.

Lo mlilo uqubuke ngoMgqibelo ekuseni kuleli hhotela elisedolobheni iNanchang, okuyinhlokodolobha yaseJiangxi, abantu bavaleleka ngaphakathi, okubalwa kubo nabasebenzi abebelungisa isakhiwo.

Ama-video kanye nezithombe ezinkundleni zokuxhumana zitshengisa amalangabu amakhulu kanye nentuthu ivela kulesi sakhiwo.

Kubonakala nezimoto zezicishamlilo zizama ukubhula umlilo.

OLUNYE UDABA: Umlilo ubulale izingane ezingu-11 ezisanda kuzalwa esibhedlela

IXinhua ithe munye umuntu olimalile ngemuva kokuthi egxumele phansi esuka esitezi sesibili ethi ubalekela umlilo.

Abatakuli bese bewuqedile umsebenzi, kwatholakala ukuthi umlilo uqalwe ngelinye lamathuluzi abesetshenziswa yizisebenzi ebezilungisa isakhiwo.

Umbiko uqhubeke wathi bayisikhombisa abantu ababoshiwe njengoba amaphoyisa esaqhuba uphenyo.

Imililo edlula nemiphefumulo yabantu ayivamile eChina.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...