Kushone abangu-20 kuqubuka umlilo ekhaya lezintandane

2017-03-09 09:30

Guatemala City – Zibalelwa kwezingu-20 izingane zamantombazane ezishone ngesikhathi kuqubuka umlilo ekhaya lezintandane eGuatemala ngoLwesithathu, kusho abezicimamlilo kuleliya lizwe.

Bonke ababulawe umlilo baneminyaka ephakathi kuka-14 nengu-17 ubudala.

Iningi labo kubukeka libulawe umlilo oqubuke e-Assumption Safe Home, eSan Jose Pinula, okuyindawo engaphandle kwaseGuatemala City, ngokusho kwezikhulu.

OLUNY EUDABA: Ibhugu litholakale liphethe ikhanda likanina

Inigi lalabo abasindile bathole ukwelashelwa ukusha ezibhedlela ezihlukene.

Esinye sezibhedlela, iRoosevelt Hospital, sithe sinabantu abangu-24 abalimele, kanti bayisithupha kubona abasesimweni esibucayi.

Uhulumeni waseGuatemala usememezele izinsuku ezintathu zokuzilela abashonile.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 7-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 14-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...