Kushone abangu-37 kusha inxanxathela yezitolo

2017-12-24 12:31

Manila - Kuqubuke ilangabi enxanxathela yezitolo ePhilippi kwashona abantu abangu-37, iningi labo ngabasebenzi base-call centre, kusho iziphathimandla zedolobha ngeSonto.

ISekela leMeya eningizimu yedolobha iDavo, uPaola Duterte, likhulekele la bantu abadlule emhlabeni.

OLUNYE UDABA:Kushone abangu-16, kwalimala abangu-22 kusha ibhilidi

Lo mlilo uqubuke ngoMgqibelo esitolo sefenisha esitezi sesithathu kule nxanxathela yezitolo wabe usuwokheleka kwezinye izitolo ngokushesha, kusho isikhulumi uMa. Teresita Gaspan.

Imbange yaleli langabi ibingakaziwa kodwa uphenyo luyaqhubeka, esho.


 - EWN

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...