Kushone abangu-23 kusha ifemu

2016-09-10 15:28

Dhaka – Umlilo oqubuke ngoMgqibelo esitolo esipakisha ukudla nogwayi eBangladesh ubulale okungenani abantu abangu-23 kwathi abanye abaningi balimala, kusho izikhulu zikahulumeni.

Abezimo eziphuthumayo bathe kungenzeka lesi sibalo sikhuphuke.

Imbangela yalo mlilo owenzeke eTongi, okuqhelelene ngo-20 wamakhilomitha eDhaka, ayaziwa imbangela yawo, kepha izikhulu zisola ukuqhuma komshini okwenzeke ngesikhathi izisebenzi zishintsha ama-shift.

OLUNYE UDABA: Kushone inqwaba yezisebenzi kusha ifemu

“Okwamanje asikwazi ukuqinisekisa ukuthi bakhona yini abanye abantu, kepha sizimisele ngokubahlenga uma bekhona,” kusho uMohammad Akhtaruzzaman, oyisikhulu sezicishamlilo sitshela iReuters ngocingo.

“Bebebalelwa ekhulwini abantu abebengaphakathi kule femu ngesikhathi kuqubuka umlilo,” kuho uMohammad Nayan, ozibonele.

Bangaphezu kuka-20 abezicishamlilo abebezama ukubhula lo mlilo oqubuke kulesi sakhiwo esinezitezi ezine, kusho izikhulu.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...