Kushone abangu-17 ibhasi lishayisa isigxobo sikagesi

2018-03-31 09:18

Kushone okungenani abantu abangu-17 kwathi abanye abangu-36 balimala ngesikhathi ibhasi ebithwele abafuduki ishayisa isigxobo sikagesi empumalanga yeTurkey yabe isigqamuka amalangabi, kusho umbiko wabezindaba ngoLwesihlanu.

Leli bhasi, elishayise ngoLwesine ebusuku ku-Igdir-Kars Highway, belithwele abantu abangabokudabuka e-Iran, ePakistan nase-Afghanistan, kusho umbiko we-Anadolu news agency.

Izithombe ezitshengiswe ngabezindaba zibonisa intuthu ephuma ebhasini elishe langqongqa, abantu besakazeke umgwaqo wonke.

"Sithe uma sifika endaweni yesigameko sazithela phezu kwesimo esinyantisa igazi," kusho umphathi wase-Igdir u-Enver Unlu etshela izintatheli endaweni yesehlakalo.

OLUNYE UDABA: Kushone 14 engozini yebhasi netekisi

"Sidumele kakhulu ukuthi ukwanda kwezigameko zokushushumbiswa kwabantu okuqhubeka kulesi sifundazwe sethu, sekuphethe ngokuphuma kwemiphefumulo."

Izikhulu zezempilo zithi abanye abantu abalimele kule ngozi basesimweni esibucayi.

Leli bhasi ngokomthetho limumatha abantu abangu-14, kepha kulokhu belithwele abangaphezu kuka-50, okubalwa nezingane nabesifazane, kusho umbiko we-Anadou.

Ihhovisi lomshushisi e-Igdir seliqalise uphenyo mayelana nale ngozi njengoba izikhulu zizama ukuhlonza umshayeli webhasi.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...