Kushone abangu-16, kwalimala abangu-22 kusha ibhilidi

2017-12-21 19:30

Seoul - Kushone abantu abangu-16 kwalimala abangu-22 ngesikhathi kusha ibhilidi elinesikhungo sezemidlalo nendawo yokugeza umphakathi maphakathi naseSouth Korea edolobheni iJecheon, kusho iziphathimandla zendawo.

Abezicishamlilo bathi izisulu zitholwe zivaleleke egumbini elisetshenziswa njenge-sauna.

I-video itshengisa ibhilidi elinezitezi ezingu-8 lisha ubuhanguhangu likhipha nentuthu emnyama.

OLUNYE UDABA:Kushone abangu-12 kusha isitolo sikaswidi

Leli langabi kukholakala ukuthi liqale endaweni okupakwa kuyo izimoto esitezi sokuqala.

Umlilo usubhuliwe kodwa iziphathimandla zinovalo lokuthi isibalo sabantu abashonile singase sinyuke njengoba abezicishamlilo beqhubeka nokusesha ibhilidi.

Kwesinye isigameko esenzeke ngoLwesibili, sishe ubuhanguhangu isitolo sikaswidi edolobheni eliseNdiya iMumbai, kwaze kwabhidlika nebhilidi kwashona abasebenzi abangu-12 abebelele kulo, kusho iziphathimandla.

Kulimale nabanye abantu abane kanti abanye basinde ngokuthi baphume ngaphambi kwemizuzwana kubhidlike ibhilidi.

Abezicishamlilo nabosizo lokuqala bahlenge inqwaba yabasebenzi kodwa ngeshwa kwashona abangu-12 ngenxa yokulimala kanzima, kusho okhulumela abezinhlekelele edolobheni, uTanaji Kamble.

"Isibalo sabalimele ngabe singaphezu kwalesi kodwa ngenhlanhla iningi labo likwazile ukubaleka ngaphambi kokubhidlika kwebhilidi," esho ngaleso sikhathi.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...