Kushone abangu-14, kwalimala abaningi kusha ibhilidi

2017-12-29 09:42

New Delhi - Kushe kwangqongqa ibhilidi obekunephathi kulo ngoLwesihlanu, kwashona abantu abangu-14, kwalimala nenqwaba yabantu, kusho amaphoyisa.

Leli langabi liqale ngemuva kwamabili esitezi sokugcina endaweni yokudlela lasheshe lokgheleka kwezinye izindawo, ibhilidi lasha langqongqa kungakapheli nemizuzu engu-30, kubika abezindaba.

Iningi labantu abashonile ngabantu besifazane abebesephathini, kusho abezinhlekelele eMumbai.

OLUNYE UDABA:Kushone abangu-16, kwalimala abangu-22 kusha ibhilidi

UKhomisahana wamaphoyisa eMumbai uS. Jaykumar, utshele abezindaba ukuthi njengamanje isibalo sabadlule kulesi sigameko bangu-14, eqhuba ngokuthi imbangela yelangabi iyaphenywa.

UMengameli waseNdiya uRam Nath Kvind udlulise amazwi okudabuka emndenini nasezihlotsheni yabashonelwe kulesi sigameko. Waphinde wafisela abalimele ukululama okusheshayo, wabonga nabezimo eziphuthumayo kanjalo nezicishamlilo ngomsebenzi abawenzile.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Tstorms early. Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-32°C Sunny. Hot. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...