Kushone abangu-12 kusha isitolo sikaswidi

2017-12-19 07:14

Mumbai - Sishe ubuhanguhangu isitolo sikaswidi edolobheni eliseNdiya iMumbai namuhla ezintatha, kwaze kwabhidlika nebhilidi kwashona abasebenzi abangu-12 abebelele kulo, kusho iziphathimandla.

Kulimale nabanye abantu abane kanti abanye basinde ngokuthi baphume ngaphambi kwemizuzwana kubhidlike ibhilidi.

Abezicishamlilo nabosizo lokuqala bahlenge inqwaba yabasebenzi kodwa ngeshwa kwashona abangu-12 ngenxa yokulimala kanzima, kusho okhulumela abezinhlekelele edolobheni, uTanaji Kamble.

OLUNYE UDABA:Isiphithiphithi kusha ijele eKZN

"Isibalo sabalimele ngabe singaphezu kwalesi kodwa ngenhlanhla iningi labo likwazile ukubaleka ngahambi kokubhidlika kwebhilidi," esho.

Iziphathimandla ziyaphenya njengoba imbangela yelangabi ingaziwa.

Kwesinye isigameko, kushone abantu abane kwathi abayisikhombisa balimala ngesikhathi kuqubuka umlilo esakhiweni esingaseTokyo esihlinzeka abantu ngezidingo zocansi, kusho amaphoyisa aseJapan ngeSonto.

Izithombe ezisakazwe esiteshini sikamabonakude esingaphansi kukahulumeni i-NHK ziveza intuthu iphuma esakhiweni esisedolobheni iSaitama, okuyindawo eqhelelene ngamakhilomitha angu-25 neTokyo.

Izicishamlilo kuzithathe amahora alinganiselwa kwayisihlanu ukubhula lo mlilo.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...