Kushone abane kusha isakhiwo senkampani ehlinzeka ngezidingo zocansi

2017-12-18 11:00

Tokyo – Kushone abantu abane kwathi abayisikhombisa balimala ngesikhathi kuqubuka umlilo esakhiweni esingaseTokyo esihlinzeka abantu ngezidingo zocansi, kusho amaphoyisa aseJapan ngeSonto.

Izithombe ezisakazwe esiteshini sikamabonakude esingaphansi kukahulumeni i-NHK ziveza intuthu iphuma esakhiweni esisedolobheni iSaitama, okuyindawo eqhelelene ngamakhilomitha angu-25 neTokyo.

Izicishamlilo kuzithathe amahora alinganiselwa kwayisihlanu ukubhula lo mlilo.

“Owesilisa olinganiselwa eminyakeni eko-40 ubudala kanye nabesifazane ababili ababalelwa eminyakeni eko-20 ubudala bashonile ngemuva kokuphuthunyiswa esibhedlela,” kusho okhulumela amaphoyisa etshela i-AFP.

OLUNYE UDABA:  Zisinde ngokulambisa izithandani emlilweni

"Siphinde sathola isidumbu ngaphakathi kulesi sakhiwo, nokho ubulili baso kabaziwa,” esho.

Abanye abantu abayisikhombisa bathole imihuzukwana kulesi sigameko base bedluliselwa esibhedlela.

Abezimo eziphuthumayo bathole ucingo oluvela kubantu abebengaphakathi kuleli bhizinisi bethi bayehluleka ukubaleka ngenxa yentuthu evimbanisile, ngokusho kombiko we-NHK.

Amaphoyisa aphenya ukuthi kube yini imbangela yalo mlilo kanjalo nokuhlonzwa kwezidumbu zabashonile.

 

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...