Kushone ababili esehlakalweni sokudubula ekolishi

2017-05-04 11:01

Austin, Texas – Ushayasibhamu ngoLwesithathu udubule wabulala owesifazane ekolishi elisendaweni yaseDallas, ngaphambi kokuba azibulale, ngokusho kwamaphoyisa.

U-Adrian Victor Torres, 21, udubule wabulala uJaneera Nickol Gonzalez, 20, lapho bevame ukufundela khona abafundi baseNorth Lake College, e-Irving, ngaphambi kokuba azibulalele yena kwesinye isakhiwo esiseduzane, kusho amaphoyisa ase-Irving.

"Akucaci kahle okwamanje ukuthi ngabe isisulu nomsolwa bebazana kanjani,” kusho amaphoyisa esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Ubaba uzibulele ngemuva kokubulala indodakazi

Abezindaba kuleliya lizwe baveze i-video ekhombisa abafundi bebaleka bephumela ngaphandle kwekolishi, ngesikhathi amaphoyisa egasela esikhungweni.

Umama kaGonzalez uLucia utshele i-ABC ukuthi uTorres wayelokhu emlandela kodwa engakunaki lokho.

Umndeni utshele i-WFAA ukuthi laba abakaze bathandane futhi bebengebona nabangani.

Izikhulu zekolishi zithi isikhungo sizovalwa isonto lonke.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-26°C Sunny. Mild. Pta: 19-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 20-27°C More sun than clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...