Kushone 9 wabantu kuphahlazeka indiza

2017-03-06 10:59

Tokyo – Bashone bonke abantu abangu-9 ebebegibele indiza enophephela emhlane ephahlazeke ezintabeni eJapan ngempelasonto, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

Izidumbu eziyisithupha zitholakale ekuseni endaweni yesigameko eNagano, kusho amaphoyisa aseNagano kwi-AFP.

Abanye abantu abathathu, okubalwa kubona nomshayeli webhanoyi, kuqinisekiswe ngeSonto ukuthi bashonile ngemuva kokuba indiza yamaphoyisa itholakale ezintabeni lapho bekunesithwathwa khona.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele oshaye unodoli obubekwe ngamaphoyisa emgwaqeni

Isimo sezulu esingesihle siphazamise imizamo yokutakula ngoMsombuluko.

Uhulumeni uzothumela abaphenyi endaweni yesigameko, kubika abezindaba i-NHK.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...