Kushone 80 iloli ishayisa abantu eFrance

2016-07-15 08:37

Nice - Kuhayize inqwaba yabantu ngesikhathi iloli ishayisa iqulu labantu ebelibuka ukhilikethi uqhuma ngesikhathi kubungazwa usuku lweBastille ngoLwesine ebusuku.

Owe-AFP uRobert Holloway ubengomunye wabantu abebebungaza lolu suku eFrance eNice ngesikhathi kwenzeka le nhlekelele.

OLUNYE UDABA: Amaphekula anqume owaseMelika ikhanda

UHolloway bekufanele azifihle ubusa evika udoti obundiza emoyeni ngesikhathi iloli iyongena ezihlahleni olwandle igugula abantu.

"Kudaleke isiphithiphithi," kusho uHolloway.

"Sibone abantu belimala nodoti undiza emoyeni. Bekumele ngizifihle ubuso ngizama ukuzivikela."

Kushone abantu abangu-80 kulesi sigameko umengameli waseFrance uFrancois Hollande akholwa wukuthi kuhlasele amaphekula kuso.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...