Kushone 8 wabantu kuhlaselwa ngemibese eChina

2017-02-15 11:01

Beijing – Kubulawe abantu abangu-8 eChina esifundeni iXinjiang, okubalwa kubona nabathathu ebebehlasela ngemibese, kusho iziphathimandla ngoLwesithathu.

Ngokwesitatimende esifakwe kwi-website kahulumeni, isigameko senzeke ngoLwesibili ebusuku ePishan County eningizimu yeXinjiang.

Uhulumeni uthe abasolwa abathathu baphinde balimaza abanye abantu abahlanu ngaphambi kokuba badutshulwe babulawe ngamaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Kushone oyedwa kwalimala abanye kushayisana iguzu nesitimela

Nakuba iXinjiang ingesinye sezifunda ezinhlanu ezizimele eChina, abesizwe i-Uighur ngokuvamile bayanqatshelwa ukuba baphume kulesi sifunda ngenxa yemibandela ebekwe yiBeijing.

Uhulumeni esitatimendeni akazange asho ukuthi ngabe ababulali bangamalungu e-ETIM yini, evame ukuhlasela eChina nangaphandle kwaleliya lizwe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 8-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 5-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...