Kushone 6 wabantu kuwa ibhilidi ebelisakhiwa

2017-04-11 11:00

Mexico City — Ingxenye yebhilidi ebelingakaqedwa ukwakhiwa ibhidlikile eMexico City ngoMsombuluko, kwavaleleka abasebenzi ngaphakathi, kwashona abayisithupha kwalimala abangu-9, kusho izikhulu.

Isikhulu sezokuVikelwa koMphakathi eMexico City, uFausto Lugo, sithe abatakuli basebenzise izinja kanye neminye imishini ekhethekile ukuthungatha abasebenzi ngaphansi kwezitini.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe 'onqume' indodakazi ngoba inaka kakhulu uFacebook

Isigameko senzeke lapho bekwakhiwa khona indawo yokupaka izimoto enxanxatheleni yezitolo enhlokodolobha yaseMexico.

Abantu abangu-9 abalimele bangeniswe ezibhedlela ezahlukene, ngokusho kweziphathimandla.

Umshushisi Gustavo Omar Jimenez uthe sekuqaliswe uphenyo ngembangela yokuwa kwesakhiwo nangenhloso yokuthola ukuthi ngabe imvume yokwakha ibisemthethweni yini.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...