Kushone 4 wezingane isitimela sishayisa ibhasi lezingane zesikole

2017-12-15 14:01

Paris - Kushone izingane ezine kwalimala ezingu-19, okubalwa nezingu-7 ezisesimeni esibucayi, ngesikhathi isitimela sihayisa ibhasi ebelithwele izingane zesikole kujantshi okuphinde kuwele kuwo izimoto.

Leli bhasi ebelithwele izingane zesikole ezingu-20 lishayiswe yisitimela ngoLwesine eMillas, okungamakhilomitha angu-18 ukusuka entshonalanga yedolobha iPerpiggnan, eduzane nomngcele wezwe neSpain.

"Ibhasi lishayiseke laphenya nya," kusho umshushisi womphakathi ePerpignan, uJean-Jacques Fagny.

OLUNYE UDABA:Kulimale izingane ezingu-70 engozini yebhasi eKZN

Bonke abashonile nabalimalile bebehamba ngebhasi. Kwabangu-12 abathole imihuzukwana kubalwa nabagibeli besitimela, kusho umthombo wamaphoyisa.

Abezindaba eFrance babike ukuthi isitimela singene ngemuva kwebhasi. Izithombe zabezindaba zitshengisa ukuthi ibhasi lihlukane kabili.

Endaweni yesigameko bekunabosizo oluphuthumayo ababalelwa ku-70 nezindiza ezinophephela emhlane ezine njengoba bebezama ukuhlenga izisulu.

Abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene.



- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...