Kushone 3 imoto ishayisa indawo yokudlela

2018-04-08 08:40

Kushone okungenani abantu abathathu ngoMgqibelo ngesikhathi imoto ishayisa isitolo sokudlela esisedolobheni laseGermany, iMunster, ngaphambi kokuthi umshayeli azingqokloze ngesibhamu.

Izithombe ezinkundleni zokuxhumana zitshengisa amatafula ebheke phezulu, izihlalo zisaphazeke yonke indawo ngemuva kwesigameko.

Kulimale okungenani abantu abangu-20 kulesi sehlakalo, abayisithupha kubona balimale kabi, ngokusho kwamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa asedolobheni elisentshonalanga, uVanessa Arlt, utshele i-AFP ukuthi umshayeli wemoto “uzidubulile”.

"Umshayeli uqonde ngqo kule ndawo yokudlela ngemoto yakhe, washayisa abantu,” kusho u-Arlt.

Okhulumela amaphoyisa u-Andreas Bode, uthe “kusasekuseni” ukuthi kungaqagulwa ukuthi lesi kube yisenzo samabomu.

Ngokusho kwephephabhuku iSpiegel, izikhulu zaseGermany “zisola” ukuthi lesi bekuyisigameko sokuhlasela kepha imbangela yaso ibingakacaci.

 

Okhulumela uhulumeni u-Ulrike Demmer ukhalisane nemindeni yezisulu.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...