Kushone 24 kwalimala 42 kuqhuma ibhomu

2017-07-24 07:33

Kabul – Babalelwa kwabangu-24 abantu abashonile, kwalimala abangu-42 ngemuva kokuqhuma kwebhomu ebisemotweni eKabul ngabo-07:00 ekuseni ngoMsombuluko, kusho okhulumela uMnyango wezangaphakathi etshela i-AFP.

Bonke abalimele kanye nabashonile bayizakhamuzi, esho.

Okhulumela uMnyango uNajib Danish uthe okwamanje akwaziwa ukuthi lokhu kuhlasela bekuqondiswephi.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owalala nowesifazane esebenzisa 'induku' eyithoyizi

Le ndawo ihlala iningi labantu besizwe seShiite Hazaras, okuyisizwe esivame ukuhlaselwa.

Le ndawo futhi iyikhaya likaMohammad Mohaqeq oqavile kwezombusazwe.

Okhulumela uMohaqeq, u-Omid Maisom Mohaqiq, uthe basola ukuthi bebeqonde ukuhlasela umuzi kaMohaqeq kodwa bavinjwa onogada

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...