Kushone 24 kuwa udonga emshadweni

2017-05-11 16:05

Jaipur – Ukuwa kodonga emshadweni obusentshonalanga yeNdiya, kubulale abantu abangu-24 okubalwa kubona nezingane ezine, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Abebehambele umshado bebekhosele ngaphansi komjondolo kathayela obuhlangene nodonga ngesikhathi kuhlasela isiphepho kuwa udonga ngoLwesithathu ebusuku, ngokusho kokhulumela amaphoyisa kuleya ndawo, u-Anil Tank, etshela i-AFP.

"Udonga kanye nomjondolo kuwiswe yesiphepho,” kusho uTank oyisikhulu samaphoyisa endaweni yaseBharatpur, eRajasthan lapho kwenzeke khona le nhlekelele.

OLUNYE UDABA: Usizi kushona izelamani kusha i-caravan

Uthe bangu-26 abanye abantu abathole ukulimala, kanti abangu-15 kulabo balimale kabi.

IRajasthan ingenye yezindawo ezomisile kakhulu eNdiya, kanti ukuhlasela kwemimoya enamandla ehambisana nezintuli kuvamile uma kuyizikhathi zokushisa.

Ukuwa kwezakhiwo kuvamile eNdiya, ikakhulukazi ngesikhathi sezimvula.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...