Kushone 22 wabantu kusha indlu

2017-07-16 11:01

Beijing – Umlilo oqubuke ngaphambi kokuphuma kwelanga endlini eyizitezi ezimbili empumalanga yeChina ubulale abantu abangu-22 kwalimala abathathu.

Kuthiwa umlilo uqubuke ngezithuba zabo-04:30 ekuseni eChangshu esifundazweni iJiangsu, okuyindawo engamakhilomitha angu-80 ukusuka eShanghai.

Kuthiwa iziphathimandla seziwucimile umlilo zaqeda nokuhlanza indawo yesigameko.

OLUNYE UDABA: Ukwethuka ubaba eshaywa umbani emshadweni wendodakazi

Kusaphenywa ngembangela yomlilo.

Akucaci ukuthi bangaki abantu abasindile.

Imibiko ye-Xinhua News Agency ithi bangaphezu kwabangu-20 abantu abahlala kule ndlu, icaphuna imithombo engadalulwanga.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...