Kushone 22 wabantu kuhlasela amadelakufa

2017-04-05 11:00

Baghdad – Isikhulu esifundazweni sase-Iraq sithi izigameko zokuhlasela kwamadelakufa eTikrit, enyakatho yeBaghdad, zishiye kushone abantu abangu-22.

Isikhulu esiyilungu lomkhandlu esifundazweni iSalahuddin, sithi amadelakufa amahlanu aziqhumise ngamabhomu aphinde ahlasele amaphoyisa abesendaweni.

OLUNYE UDABA: Ukushaqeka owesifazane ethelwa yisidoda emqaleni

U-Ahmed al-Karim uthi amadelakufa amathathu abulawe ngabezokuphepha, kanti amabili kuwona aziqhumise ngamabhomu.

Uthe alinganiselwa kwayishumi amaphoyisa ashonile kanti bangu-31 abantu abalimele kulezi zigameko ezenzeke ngoLwesibili ebusuku.

Alikho iqembu eseliphumele obala ngokuthi liyathinteka kulokhu kuhlasela kodwa kusolwa i-Islamic State.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...