Kushone 20 wabantu kuqhuma ibhomu ngaphandle kwenkantolo

2017-02-08 13:00

Kabul  – Balinganiselwa kwabangu-20 abantu okukholakala ukuthi bashonile kulandela isehlakalo sokuziqhumisa ngebhomu kwedelakufa ngaphandle kweNkantolo eNkulu e-Afghanistan.

Bangaphezulu kwabantu abangu-30 abalimale kulesi sehlakalo sokuqhuma kwebhomu esenzeke ngoLwesibili.

Udelakufa beliqonde izisebenzi zaseNkantolo eNkulu ebeziphuma emsebenzini, ngokusho kwamaphoyisa endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Owesilisa onqunu webe itekisi, washayisa izimoto ebezipakile

UMnyango wezeMpilo, okhiphe izibalo zabantu abashonile, uthe kulindeleke ukuba zikhuphuke izibalo.

Abazibonele, abakhulume neReuters, babike ukuthi bekugcwele igazi endaweni yesehlakalo kanti futhi kubonakale nenqwaba yama-ambulensi ehla enyuka endaweni.

Bekungakabikho qembu eseliphumele obala ngokuthinteka kulesi sehlakalo.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...