Kushone 20 wabantu, kwalimala ngaphezu kwabangu-100 kwesokudubula eLas Vegas

2017-10-02 11:02

Las Vegas – Bangu-20 abantu abashonile ekuseni ngoMsombuluko, kwathi abangu-100 bangeniswa ezibhedlela benamanxeba okudutshulwa eLas Vegas, kusho okhulumela amaphoyisa kaMAsipala eLas Vergas, uJoseph Lombardo.

ULombard uthe ushayasibhamu, ongowasendaweni, udutshulwe wabulawa ngamaphoyisa ngokuhamba kwesikhathi.

Phambili, ku-Twitter, omunye wabantu ufake ukuthi kuvalelwe abantu ehhotela, kanti omunye uthe kunoshayasibhamu ababili esitezi sika-32 ehhotela odubule unogada kanye nephoyisa.

I-video esabalale ku-Twitter okuthiwa ithathwe eMandalay Bay iveza isixuku sabantu sizijabulisa kwikhonsathi ngaphambi kokuzwakala kokuqhuma kwesibhamu.

Iziphathimandla azitholakalanga ukuqinisekisa imininingwane esezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA: Ulahlwe yicala owamiswa emsebenzini wabuya wazobulala uzakwabo 

I-CNN ibike ukuhti baningi abantu abangeniswe esibhedlela benamanxeba okudutshulwa.

"Siphenya ngemibiko mayelana nomuntu odubulayo eMandalay Bay Casino noma ngakhona," kusho amaphoyisa kuTwitter. 

Phakathi kwabantu okubikwa ukuhti badutshuliwe kubalwa namaphoyisa, kubika iphephandaba iLas Vegas Sun.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...