Kushone 19 abazalwane begxobana ngezinyawo

2016-10-15 18:36

New Delhi – Kushone okungenani abantu abangu-19 ngesikhathi begxobana ngezinyawo enyakatho yeNdiya, edolobheni iVaranasi, kusho izikhulu ngoMgqibelo.

Kusuke isidumo ngesikhathi abazalwane abangamaHindu bewela ibhuloho, kusho uNdunankulu waseNdiya uNarendra Modi.

“Kube khona amahlebezi ngokuthi ibhuloho liyawa kwase kuba ubutatata abazalwane bezama ukubaleka, abantu bawa base beyagxobana,” kusho okhulumela amaphoyisa uJaveed Ahmad.

OLUNYE UDABA: Kushone 7 kugxobana abantu eralini

Izigidi zamaHindu ziya eVaranasi minyaka yonke ziyozigxwambuza emfuleni ngenhloso yokuzigeza izono.

UModi udlulisele amazwi enduduzo emindenini yezisulu wathembisa ngokunikela ngosizo.

Amaphoyisa amabili endaweni yesigameko athe bangu-50 abantu abalimele kulesi sigameko.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...