Kushone 14 esigamekweni sokudubula endaweni yobumnandi

2018-01-28 08:56

Rio de Janeiro – Kubulawe okungenani abantu abangu-14 endaweni yobumnandi eFortaleza, enyakatho-mpumalanga yeBrazil, kusho izikhulu ngoMgqibelo.

"Singaqinisekisa ukuthi kushone abantu abangu-14," kusho u-Andre Costa, okwezokuphepha eCeara - iFortaleza eyinhlokodolobha yakhona – etshela abezindaba.

UCosta uthe ezinye izisulu zingeniswe esibhedlela zisesimweni esibucayi, kepha wangasikhipha isibalo.

Okhulumela i-Institut Jose Frota utshele i-AFP ukuthi abantu abayisithupha, okubalwa nomfana oneminyaka engu-12 ubudala, baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole usizo oluphuthumayo.

Lesi sigameko sokudubula senzeke ngabo-01:30 ngesikhathi isigejane samadoda ebesihamba ngezimoto ezintathu sitheleka kule ndawo yokuzijuxuza iForro do Gago, eseFortaleza.

"Bekuyisimo esitshengisa ukuthi kusetshenziswe isihluku. Asikaze siyibone into enje eCeara," kusho iphoyisa elingathandanga kudalulwe igama lalo.

Abezindaba babike ukuthi lesi sigameko besiphakathi kwamaqembu amabili ezigelekeqe adayisa izidakamizwa.

Iziphathimandla nokho zinqabile ukuphawula, zathi uphenyo luyaqhubeka.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...