Kushone 10 kucwila isikebhe olwandle

2017-01-24 07:31

Kuala Lumpur – Bayishumi abantu osekuqinisekiswe ukuthi bashonile kanti bangu-30 okubikwa ukuthi abakatholakali ngemuva kokucwila kwesikebhe ebesithwele abafukudi olwandle eMalaysia, kusho izikhulu ngoMsombuluko.

Izidumbu eziyisithupha zabesifazane kanye nezine zabesilisa sikhafulwe wulwandle ngasogwini lwasedolobheni iMersing ekuseni ngoMsombuluko, kusho iMalaysian Maritime Enforcement Agency.

"Sikholelwa ukuthi balinganiselwa kwabangu 40 abantu base-Indonesia ebebesesikebheni futhi sikholelwa ukuthi bebeya eMalaysia ngokungemthetho,” kusho okhulumela le nhlangano.

OLUNYE UDABA: Kushone ingane kwalimala ezinye abazali bezama ukubulala umndeni

Isikebhe besisuka e-Indonesia silibhekise eMalaysia ngesikhathi sicwila.

Kubikwa ukuthi babili abantu abahlengwe bangeniswa esibhedlela kodwa nokho asaziwa isimo sabo.

Kuyaqhubeka ukuthungatha abanye abantu.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...