Kushe kwangqongqa abangu-132 kuginqika iloli laphethiloli

2017-06-25 12:59

Bahawalpur - Kushe kwangqongqa abantu ababalelwa kwabangu-132 kwalimala abanye ngemuva kokuginqika kweloli laphethiloli, lagqamuka ilangabi eduzane naseBahawalpur esifundazweni sasePanjab, ePakistan.

Isigameko senzeke ngeSonto ekuseni ngesikhathi inqwaba yabantu ibuthelana ndawonye iyotapha uphethiloli kule loli, lokuh kungokusho kwabosizo lokuqala.

OLUNYE UDABA:Akekho otshele omunye kugingqika iloli lenyama e-KZN

Imithombo yendawo utshele abezindaba i-Al Jazeera ukuthi iningi lezisulu yizakhamuzi zangakhona endaweni okwenzeke kuyo isigameko ebeziyokha uphethiloli kulandela ukuginqika kweloli kaphethiloli emgwaqeni omkhulu e-Ahmed Pur Sharqia.

Abezicishamlilo bafike endaweni yesigameko ngemuva kwesikhashana kwenzeke isigameko kanye nabanye bezimo eziphuthumayo, kusho umthombo utshela i-Al Jazeera.

Obikela i-Al Jazeera uKamal Hyder uthe kuginqike iloli likaphethiloli emgwaqeni omkhulu, iqulu labantu laphuthuma endaweni yesigameko liyokha uphethiloli obuchitheke kule loli.

Kulindeleke ukuba sinyuke isibalo sokushona kwabantu.

Pic: Al Jazeera

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...