Kushaqeke abalandeli kushona umdlali olimale enkundleni

2016-05-23 13:28

Buenos Aires - Abalandeli bebhola lezinyawo e-Argentina basashaqekile ngokudlula emhlabeni komdlali olimale kuqhubeka umdlalo weligi.

Amaqembu adlala ku-Third division iSan Jorge neDefensores abetholene phezulu emdlalweni weLiga Departamental de Colon eVilla Elisa ngesikhathi umdlali oneminyaka engu-24 ubudala, uMicael Favre, eshayeka ekhanda ngephutha.

Umufi ushayeke ngedolo ekhanda.

Funda nalolu daba: UMbesuma uqophe umlando

Ngesikhathi abadlali bebanga ibhola, omunye umdlali ushaye uFavre ngedolo wawela phansi, wangabesakwazi ukuvuka.

Uphuthunyiswe esibhedlela, nokuyilapho eshonele khona, ngokusho kwenhlangano eyengamele ibhola e-Argentine, kubika iKickOff.com.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...