Kuphahlazeke indiza ebithwele igolide eZimbabwe

2017-01-12 07:34

Harare – Kuphahlazeke indiza eningizimi yezwe laseZimbabwe ngoMsombuluko iphethe igolide elingabiza izigidigidi zamadola.

Isikhulu seCivil Aviation Authority of Zimbabwe, uJames Danga, sisiqinisekisile isehlakalo.

Indiza iphahlazeke eBubi esifundazweni saseMatabeleland North. Beyithwele igolide elingu-22kg isisindo.

Nakuba uDanga eyiqinisekisile le ngozi, akazange enabe ngemininingwane.

OLUNYE UDABA: Uzibulele oxabane nomkakhe

"Indiza ebinabantu ababili phakathi iphahlazeke ngezithuba zabo-4:00 eKennilworth eBubi kanti abantu ebebephakathi bathole imihuzuko, Ibhanoyi belithwele igolide elinesisindo esingu-22kg," kusho uDanga.

"Ibhanoyi kuthiwa ngeleCentral Air Traffic Services," kusho uDanga. 

Okhulumela amaphoyisa uSenior Assistant Commissioner Charity Charamba akatholakalanga ukuba aphawule.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...