Kuphahlazeke ibhanoyi elincane kwashona 10 wabantu

2018-03-18 16:47

Manila – Ibhanoyi elincane ebelithwele abantu abahlanu liphahlazeke phezu komuzi ngemuva kancane nje kokuba lisukile eManila ngoMgqibelo, kwashona bonke ebebephakathi kanye nabanye abantu abahlanu ebebelapho okwenzeke khona ingozi, kusho izikhulu.

IPiper-23 Apache plane isuke esikhumulweni edolobheni iPlaridel esifundazweni iBulacan labe seliphahlazeka phansi, lapho bekunomuzi khona, kusho okhulumela iCivil Aviation Authority of the Philippines u-Eric Apolonio kanye namaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Kugwetshwe oshade nendodakazi yakhe

Kuphinde kwalimala nabanye abantu ababili, abathole ukusha endaweni yesigameko, kusho uLizardo.

Imbangela yengozi ibingakaziwa okwamanje.

Abazibonele bathi ibhanoyi lishayise isihlahla, isigxobo sikagesi ngaphambi kokuba lishayise nomuzi.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C a few tstorms. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...