Kunyamalale indiza ebithwele usomabhizinisi waseMelika

2017-05-17 16:00

Miami  - Kusungulwe umkhankaso wokuthungatha indiza encane ebithwele umphathi wenkampani yaseNew York kanye nabanye abathathu.

Ngokubika kwabeMiami Traffic Control le ndiza ibithwele uJennifer Blumin, Nathan Ulrich kanye namadodana amabili kaBlumin ngesikhathi ihamba ngoMsombuluko emini.

Kuthiwa le ndiza inyamalale isisondela ngaseBahamas, nokuyingxenye yeBermuda Triangle.

UBlumin ungumsunguli kanye nomphathi wenkampani ehlela imicimbi iSkylight Group, kanti inkampani yakhe ikuqinisekisile ukuthi lo mphathi ubehamba nomndeni wakhe.

U-Ulrich ungumsunguli nomnikazi wenkampani i-Xootr ekhanda nedayisa amabhayisikili agoqekayo kanti kukholakala ukuthi uyena obeshayela le ndiza.

OLUNYE UDABA:Kushone 5 wabantu kuphahlazeka indiza enophehela emhlane

Abaseshi baseFlorida naseBahamas basazama ukuyicinga le ndiza engabonwa ndawo. La baseshi bajoyinwe abeCustoms and Border Patrol kanye namasosha e-Royal Bahamas Defence Force.

Inkampani kaBlumin ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi lo mphathi ubekhona kule ndiza.

“Umndeni wakhe usebenzisana namaphoyisa ngophenyo oluqhubekayo,” kusho inkampani ngesitatimende, kubika iDaily Mail ibambisene ne-AP.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...