Kuntenge irandi kuvela ukuthi angase anqobe uTrump

2016-11-09 08:07

America - Kuntenge irandi kanye nezimakethe njengoba izibikezelo ziqagula ukuthi uDonald Trump nguye ozolunqoba ukhetho.

Izimakethe zisabela ukuthi ukunqoba kukaTrump kungahle kudale ukwehla komnotho nezohwebo ngemuva kokusabisa ngokuqeda izivumelwano zohwebo zaseMelika.

OLUNYE UDABA: Elamanqamu namuhla eMelika - Umbiko

Kusukela ngezithuba zabo-06:50 ekuseni irandi lehle ngo-4.5% uma liqhathaniswa neDollar.

Izimakethe zomhlaba ezeseka uClinton nazo zishayekile kulandela imiphumela yakamuva.

Amandla eDollar abephansi ngo-5% uma eqhathaniswa noPondo kanti uma eqhathaniswa ne-Euro angu-6%.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...