Kungqubuzane izitimela kwashona abantu abangu-12

2016-07-12 14:33

Milan – Kushayisane izitimela ezimbili ezithutha abantu e-Italy ngoLwesibili, esifundeni esiseningizimu iPuglia, kwashona abantu abangu-12, kusho izicishamlilo.

Abanye abantu abaningi balimalile kule ngozi okungacaci ukuthi yenzekekanjani, ngokusho kombiko we-ANSA neSky TG24.

Kuvele isithombe esitshengisa amakhoshi alezi zitimela egibelene amanye esephumile kujantshi.

OLUNYE UDABA: Kushone inqwaba kushayisana izitimela

Imibiko yabezindaba ithe abezokutakula bebekhipha abasindile ngaphansi kwemfucuza.

“Amanye amakhoshi afahlazeke yaphela nya indaba yawo,” kusho uRiccardo Zingaro, oyisikhulu samaphoyisa e-Andria, etshela i-ANSA.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...