'Kungenzeka ukuthi isisebenzi esabulawa yibhubesi sakhohlwa wukuvala isango'

2018-03-27 10:59

Mexico City — Izikhulu ziveze ukuthi kungenzeka ukuthi isisebenzi salapho okugcinwa khona izilwane (zoo), esibulawe yibhubesi enkabeni yeMexico, sakhohlwa wukuvala isango elihlukanisa indawo yokudla nokulala yalezi zilwane.

Isikhulu sezokuphepha kwemvelo eMexico sithe ukuhlolwa kwendawo okuvalelwa kuyo lezi zilwane kutshengisa ukuthi ayikho imbobo engabe zeqa ngayo.

"Le ngozi kungenzeka ukuthi yenzeke ngenxa yephutha lomuntu, njengokunganaki kwesisebenzi sakule ndawo ukuthi sivale isango sesingaphandle," kusho lesi sikhulu ngesitatimende.

OLUNYE UDABA: Umbiko: Ibulawe yibhubesi intombazane, 10

Leli bhubesi kuthiwa lalihleli nelinye ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Isisebenzi sase-zoo sabulawa yilesi silwane ngomhlaka-17 Mashi ngesikhathi sihlanza le ndawo okuhlala kuyo lezi zilwane.

Iziphathimandla zadubula leli bhubesi ngemicibisholo enomjolvo wokulikhathaza, kepha kwazinhlanga zimuka nomoya.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...