Kume ukuhamba kwamabhanoyi kudutshulwa umuntu e-Airport

2017-03-18 12:30

Paris – Kume ukuhamba kwamabhanoyi esikhumulweni sezindiza saseParis, i-Orly, ngoMgqibelo ngemuva kwesigameko sokudubula, kusho iziphathimandla.

Amasosha aseFrance adubule abulala owesilisa ngemuva kokuba ezame ukuthatha isibhamu sawo, kubika i-BFM TV.

OLUNYE UDABA: Buka: Owesilisa usundiza isalukazi kujantshi

Kudingeke ukuba abantu bakhishwe esikhumulweni sezindiza kulandela isegameko, ngokomboko wesiteshi sikamabonakude.

Amaphoyisa aseFrance akuqinisekisile ukuthi kunomsebenzi wezokuphepha oqhubekayo esikhumulweni sezindiza, eningizimu yenhlokodolobha.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-16°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...