Kulimale inqwaba yabantu owesilisa egwaza kwasani

2017-10-21 14:31

Berlin – Kulimale inqwaba yabantu ngoMgqibelo ekuseni eningizimu yeGermany edolobheni laseMunich belinyazwa ngowesilisa obebagwaza ngommese, nogcine ebalekile kweyesigameko, kusho amaphoyisa.

Amaphoyisa athi okwamanje ayaziwa imbangela yalesi sigameko.

Owesilisa, "ulimaze inqwaba yabantu ngommese" enkabeni yeMunich kanti kumanje "usagcwele izinkalo", kusho amaphoyisa endawo ku-Twitter.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele obedayisa izidakamizwa esibhedlela

"Sithungatha umsolwa ohlasele abantu,” kusho amaphoyisa esitatimendeni.

Amaphoyisa aphinde athi okwamanje akwaziwa ukuthi lona uhlasele bekwenzenjani.

Ngokombiko we-Daily Bild, asikho isisulu okwembulwa kwembeswa kusona.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...