Kulimale inqwaba indoda ihlasela abagibeli ngembazo esitimeleni

2016-07-19 08:10

Berlin - Kulimale inqwaba yabantu esitimeleni indoda ebiphethe imbazo iklabha kwasani ephambi kwayo eningizimi nesiFunda saseGerman eBavaria ngoMsombuluko ntambama, kusho okhulumela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Kugwilize abantu abahlanu bezama ukuhlenga owesimame ezama ukuzibulala

Isikhulumi sithe lesi sigameko senzeke esitimeleni eduzane nedolobha laseWuerzburg. Asikwazanga ukuqinisekisa imibiko yabezindaba ethi le ndoda idutshulwe yabulawa kodwa amaphoyisa aphezu kodaba.

Kuvalwe ujantshi ophakathi kwaseWürzburg-Heidingsfeld nase-Ochsenfurt, kusho amaphoyisa.

Akukho okuveza imbangela yesigameko.

ISITHOMBE: 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Reuters

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...