Kulimale abathathu emshadweni kuhlasela ushayasibhamu

2017-02-01 16:01

Maceió - Kulimale abantu abathathu ababebemenywe emshadweni ngemuva kwesigameko sokudubula esenzeke esontweni obekushadelwa kulo e-Alagoas, eBrazil.

I-video esenkundleni yezokuxhumana itshengisa indoda ingena esontweni, bese ihlala phansi ngemuva kukamakoti.

OLUNYE UDABA: VIDEO: Umakhwapheni ufike edlubhe ingubo yomshado emshadweni wesoka

Le ndoda ifika esontweni ihamba ishesha kuhle komuntu ofike ngemuva kwesikhathi emshadweni, izama ukuthola indawo yokuhlala, emuva kwesikhashana iqale ikhulumisane nabanye abantu abebehambele umshado ngaphambi kokuvulela ngenhlamvu.

Lo shayasibhamu ube esephuma kahle esontweni sengathi akwenzekanga lutho.

Kukholakala ukuthi lo shayasibhamu uhlasele lezi zithandani ngoba eziphindiselela kuzo kulandela isigameko sokushona kwendodana yakhe okusolwa ukuthi lezi zithandani ziyabandakanyeka kuso.

IVIDEO:

 - Newswatch

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...