Kulimale abangu-11 inqola iphuma kujantshi

2017-04-07 07:06

Beijing - Kulimale abantu abangu-11 inqola ehamba ngogesi iphuma kujantshi eHong Kong, kusho iziphathimandla ngoLwesine.

Isigameko senzeke phakathi nobusuku maphakathi nedolobha.

Kulesi sigameko kulimale amadoda ayisithupha kanye nabesifazane abahlanu, kusho amaphoyisa. 

OLUNYE UDABA:Kushone abangu-13, kwalimala ababili ibhasi labazalwane lishayisana neveni

Ezinye izisulu ziphuthunyiswe esibhedlela.

Akucaci ukuthi kube yini imbangela yengozi.

Iphephandaba laseChina iThe South China Morning Post libike ukuthi umshayeli wale nqola kungezeka ukuthi uhlulekile ukuyilawula.

Lezi zinqola ezaziwa ngokuthi yi-ding-ding ngenxa yokukhala kwensimbi yazo sezineminyaka zisebenza ezindaweni ezahlukene kanti zithutha abagibeli ababalelwa kwabangu-200 000 ngosuku. 

 - AFP

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...