Kulimale 15 imoto ishayisa abantu

2017-12-21 12:31

Melbourne – Imoto ishayise abantu ebebehamba ngezinyawo ezimpambanweni zomgwaqo edolobheni lase-Australia iMelbourne ngoLwesine, kwalimala abantu abalinganiselwa kwabangu-15, kusho amaphoyisa, aphinde wathi kuboshwe umshayeli nowesilisa wesibili.

Amaphoyisa awazange acacise ngembangela yesigameko, esifana nezenziwa kakhulu yi-Islamist militants.

IVictoria State ambulance service ithe ithathe abantu abangu-13 yabayisa esibhedlela, okubalwa kubona nengane ebilimele kabi ekhanda.

OLUNYE UDABA: Kushone 12 wabantu kusha isitolo samaswidi

"Umshayeli wemoto nomunye umlisa baboshiwe kanti bagcinwe esitokisini,” kusho amaphoyisa esitatimendeni.

NgoJanuwari, bane abantu abashona, kwalimala abangaphezu kwabangu-20 ngesikhathi owesilisa eshayisa abantu ngamabomu bude buduze nalapho kwenzeke khona isigameko sangoLwesine.

Amaphoyisa athi isigameko sangoJanuwari sasingahlobene nezobushokobezi.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...