Kuhlengwe isalukazi ebesesinezinsuku singakwazi ukuphuma ebhavini

2018-02-12 19:21

Essex - Sesihlengiwe isalukazi ebesekuphele izinsuku ezintathu sibhajwe kubhavu wokugeza.

Amaphoyisa angene ngendluzula emzini walesi salukazi ose-Essex, e-UK, ngemuva kokusizwa sikhala ngosizo.

Lesi salukazi igama laso eligodliwe esineminyaka ebalelwa kweko-80 ubudala siphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuwatshela ukuthi sesinezinsuku ezintathu zibhajwe ebhavini.

Omakhelwane baso yibo ababikele amaphoyisa ngemuva kokubona ukuthi sesinesikhathi singavuli emnyango namakhethini emini ngoLwesithathu odlule.

OLUNYE UDABA:Sithi asikwazi nokuhlala isalukazi 'esidlwengulwe umakhelwane'

Amaphoyisa athe lesi salukazi asinazihlobo nabangani abahlala eduze.

NgeSonto iphoyisa uconstable Tom Mathews wamaphoyisa ase-Essex uthe: " Ngesikhathi sithola lesi salukazi sisitshele ukuhi sesinezinsuku ezintathu singakwazi ukuphuma kubhavu.  Ngeshwa asinazo izihlobo nabangani abahlala eduze ukuze bezokwazi ukusibheka ngaso sonke isikhathi."

"Lesi sigameko siyisibonelo sokuthi kubaluleke ngani ukuvakashela ogogo nomakhelwane abangakwazi ukuzisiza. Sifike kulo muzi sabona ukuthi kukhona okungahambi kahle, akukho okunye ebesingakwenza ukungena kulo muzi ngaphandle kokungena ngendluzulu ukuze sizokwazi ukusisiza. Sibe sesisihlola ngaphambi kokusihambisa esibhedlela."

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...