Kuhlengezele izinyembezi kuweta ngomusa wezithandani eRestaurant

2017-09-29 19:29

Washington  - Izithandani ezingaziwa sezinesikhathi zikhokhela amakhasimende ukudla kwazo esitolo sokudlela esiseningizimu yentshonalanga yasePennsylvania.

Abezindaba iKDKA-TV babike ukuthi lezi zithandani sezineminyaka zenza lesi senzo esihle e-Applebees eWashington, ePennsylvania, kodwa manje wonke umuntu useyazi ngomusa wazo.

UJolie Welling, uthe ubegubha usuku lokuzalwa kwendodakazi yakhe ngesikhathi ethola ukuthi ukudla obekudlilwa abantu abangu-16 sekukhokhelwe.

OLUNYE UDABA:Baphawula ngokuvalwa kwesimame ema-restaurant

USamntha Powell, obekunguye uweta wetafula obekugujwa kulo usuku lokuzalwa kwendodakazi yaleli khasimende, uthe lokhu kumhlabe umxhwele, kwahlengezela izinyembezi.

UBernie Lewis, imenenja yale ndawo, uthe wafunga wagomela ukugcina imfihlo yalezi zithandani.

UPowell naye uyazazi lezi zithandani, kanti uthi kunebhizinisi abanalo. Uthi owesilisa wakhe wamtshela ukuthi akwenzayo ukwenza ngoba wakhula ehlupheka kanti manje akasahlupheki.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...