Kugwetshwe owesifazane ngokushada nendodakazi yakhe

2018-03-16 19:30

Washington - Owesifazane wase-Oklahoma owashada nendodakazi yakhe ayizalayo ngo-2016 ugwetshelwe icala lokushada nengane yakhe.

UPatricia Ann Spann, 46, ugwetshwe iminyaka emibili ejele neminyaka engu-8 abomthetho beqaphe ukuziphatha kwakhe. Kufanele aphinde abhaliswe emabhukwini abantu abanamacala ahlobene nocansi uma esededelwa ejele.

USpann ulivumile icala lokushada nendodakazi yakhe uMisty Velvet Dawn Spann, 26.

Bobabili, umama nendodakazi baboshwa bathweswa icala lokushada bebe behlobene ngoSepthemba 2016, sekuphele izinyanga ezingu-6 beshadile.

OLUNYE UDABA:Umama uvuma eyokuba nezingane nendodana yakhe

Ijaji layidabula incwadi yabo yomhado ngo-Okthoba 2017.

Ngaphambilini enkantolo, uSpann waphucwa indodakazi yakhe, kodwa ngemuva kwesikhashana bahlangana," lokhu kubhalwe encwadini efungelwe.

Akucaci ukuthi kwakwenzenjani uSpann aze aphucwe izingane zakhe kodwa amaphoyisa athola ukuthi uSpann usekewashada nenye yezingane zakhe.

USpann ngaphambilini wayeshade nenye yamadodana akhe ngo-2008 kodwa lowo mshado wakhanselwa ngo-2010, kulokhu indodana eyazicelela.

 - BBCNews

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...