Kugobhoze igazi, kwashona abangu-28 kulwa izimbangi ejele

2017-07-07 14:00

Acapulco – Iziboshwa ezivuke indlobane ejele laseMexico zinqume uqhoqhoqho ezinye iziboshwa eziyizimbangi zazo, zazingenela nangesibhaxu zaze zashona ngoLwesine, kwashona ezingu-28 esigamekweni sakamuva sodlame kuleli jele.

Izidumbu zitholwe zigcwele ijele lonke kubalwa nasekhishini kulandela udlame oluqubuke ejele, iLas Cruces federal e-Acapulco, kusho isikhulumi sezokuphepha eGuerrero.

“Isigameko siqubulwe wudlame oluqhubeka phakathi kweziboshwa eziyizimbangi,” kusho isikhulumi, uRobert Alvarez, etshela abezindaba.

Lesi isigameko sakamuva esenzeke kwelinye lamajele agcwele ngokweqile eMexico, lapho okugcwele khona inkohlakalo kanti iziboshwa azilawuleki, izikhali nezidakamizwa zitholakala kalula.

OLUNYE UDABA: Babalelwa kwabangu-60 ababulawe kuliwa ejele

Uhulumeni waseGuerrero useyalele ukuba kuphenywe bonke abasebenzi basejele, kusho u-Alvarez.

Amaphoyisa endawo asiqaphile isimo, elekelelwa ngamanye amaphoyisa kanye namasosha.

 Iziphathimandla zikhiphe isibalo sabahlanu sabashonile kodwa uma kuqhutshekwa kubhekwa isibalo silokhe sinyukile.

Kulimale nezinye iziboshwa ezintathu kulolu dlame, kusho u-Alvarez. Onogada bathe ezinye izisulu bezinqunywe uqhoqhoqho.

Kuphinde kwezwakal nokuthi kuqhume nezibhamu kulo leli jele, ziqhunyiswa yiziboshwa.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...