Kudutshulwe ohlasele abazalwane ngenkemba

2018-02-11 12:10

Sleman — Amaphoyisa adubule owesilisa ohlasele abazalwane ngenkemba enkonzweni yangeSonto, walizama abantu abane, okubalwa kubona nomfundisi waseGermany.

Isizathu sokuhlasela ekuseni ngeSonto eSleman, esifundazweni iYogyakarta asaziwa.

Umsolwa oneminyaka engu-22 ubudala uphinde wacekela phansi isithombe sikaJesu nesikaMariya kulesi sigameko, kusho izikhulu.

OLUNYE UDABA: Umama ugwaze wabulala izingane zakhe

Kuvamile ukuba amabandla ahlaselwe yizidlamlilo zamaSulumane e-Indonesia, okuyizwe elinabantu abaningi benkolo yamaSulumane.

Amaphoyisa endawo athi abaseshi bezobushokobezi yibona abazoqhuba uphenyo.

Abantu abalimele basesimeni esethembisayo kanti umsolwa ungeniswe esibhedlela naye.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...